22/03/2025
Okuboshiwe Angeke Kwahlukaniswa Muntu(PRT 1A)
Umbhali : King Duyaza
Kusebusuku , uKhosi uhleli nomyeni wakhe Denis lapha emzini wabo , nakhu babuka umabonakude . “ yazi maGasa wami , ngelosi yomphefumulo wami , sithandwa senhliziyo yami , uyikho konke kimi ; engizama ukukusho nje mkami ukuthi ngiyakuthanda ngenhliziyo yami yonke , angazi ukuthi ngingayini ngaphandle kwakho , uyisibusiso empilweni yami “ , esho uNdosi emamatheka maqede aqabule umkakhe emphulula nesisu nakhu ukhulelwe . “ Ngiyabonga myeni wami ngamazwi amnandi angena ajule enhlizweni yami , ngiyohlale ngingingumfazi onenhlonipho nokunakekelayo ngothando nangakhokonke enginakho Ndosi , Nombedu , Dubandlela , Khumbuza wami. “ Awuuu mkami wangithopha kamndi , bheka nje indodana yethu esikhule kanjani , inhle ifuze mina “ , esho ehleka uNdosi . “ Kahleke myeni wami , uBuhle ufuze mina ngobuhle , ukuthi nje wathatha ibala elinhlophe kuwe “ , esho ehleka umaGasa . Bahleke bobabili.
“Sesikhulisile impela mkami , bheka nje umfana wethu useneminyaka engu 8 yonke “ .
Bathuswe umuntu onqonqozayo emnyango . Lubathi thwansu uvalo , maqede babukane . “ maGasa , kukhona yini umuntu obumlindele “ , esho ebuka umkakhe . “ Akekho umuntu obethe uzofika “ , esho esukuma umaGasa . “ ubani lowo “ , kubuza uNdosi ngebhesi , maqede asukume aqonde emmnyango , elandelwa umkakhe .
“ Yimina uZimiphi Masuku , umzala kaKhosi “ , esho ngezwi elinensayo nelinesihosha .
Babukane lapha endlini bemängele . “ Ufunani uZimiphi lapha ngalesi sikhathi “ , esho eshintsha ebusweni uKhosi emangele . “ Uzofunani lomzala wakho ngalezikhathi “ , esho ehleba Ndosi . “Ngicela ningivulele ngafa amakhazaaa” . Avule umnyango uKhosi , maqede ahlangabezwe inkunzimalanga yesikhwama esikhulu sezimpahla. “ Hawu sanibona emzini woNdosiiii “ , esho engena ngaphakathi uZimiphi maqede amehlo akhe ahlale esiswini sikamzala wakhe okhulelwe . “ Hawuuu mzala , kunjani kodwa , ayisazani “ , esho uKhosi ezama ukuhaga umzal wakhe .